Ngiyakolwa kuNkulunkulu uYise umNinimandhla onke, UmEnzi wezulu nomhlaba:
NakuJesu Kristu inDodana yake eyodwa inKosi yetu, Owatatshatwa ngoMoya oy'iNgcwele,
Wazalwa y'inTombi uMaria, Wahlupeka kuPontiu Pilatu, Wabetelwa esipambanweni,
wafa, wabekwa elibeni, Wehla waya kwabapansi; Ngosuku lobutatu wabuya wavuka kwabafileyo,
Wenyuka waya ezulwini, Usahlezi kona ngasekunene kuka Nkulunkulu uYise umNinimandhla onke;
Uyakuvela kona ezokwahlulela abasekona nabafileyo.
Ngiyakolwa kuMoya oy'iNgcwele ; Nakulo iChurch elingewele kukaNkulunkulu;
Nakuko ukuhlangana kwabangcwele; Nakuko ukutetelelwa kwezono;
Nakuko ukuvuka kwomzimba; Nakuko ukupila okupakade. Amen.